
UYOMKHOHLWA ufile umphakathi waseSkhemele kwaLulwane kuward - 6 kwaMhlabuyalingana, uMeya ohola uMasipala wesiFunda uMkhanyakude uMhlonishwa Siphile Mdaka ibakhela ompompi okokuqala emlandweni eminyakeni engu-32 elakuleli lathola ukubuswa ngentando yeningi.
Kuqhume "ushezi" phakathi emgaqweni uDudula Road kuyo lendawo IMeya uMdaka ihambisana neLungu lePhalamende likaZwelonke, uMhlonishwa Dipuo Ntuli, yethula labo mpompi khona namhlanje ngoLwesihlanu. Ibe isinxusa umphakathi ukuba ungazidonseli amanzi uzifakele emagcekeni ngoba kuzophazamiseka amapayipi, yathembisa ngokuthi izobafakela yona.
Lo msebenzi uzalwa ukufakwa kwethangekazi elimumatha amalitha ayisigidi elakhiwe uMkhanyakude eScabazini khona eManguzi. Lona lidonsa amanzi kwisihlanzamanzi saseShemula esihlaza amanzi angu-27 million ngosuku.

