News Updates

INKOSI UTEMBE ITUSE IMEYA NGOKUFAKA AMANZI ESIZWENI SAYO

 inkosi utembe ituse imeya ngokufaka amanzi esizweni sayo

ICHOME uphaphe lwegwalagwala, iMeya uMhlonishwa Siphile Mdaka, iNkosi Mabhudu Tembe kwethulwa iphrojekthi iStar of the Sea eyethulelwe isizwe nomphakathi wonkana izolo ngoMgqibelo eManguzi ngaphansi kukaMasipala uMhlabuyalingana. INkosi uTembe itshele isizwe sayo ebesigcwalise ihholo lakomkhulu, ukuthi uMkhanyakude unenhlanhla yokuba nemeya efana noMagezane ewukhathalelayo umphakathi.
Ithi inkinga yamanzi ayibhekene noMkhanyakude kuphela kodwa yinkinga kazwelonke. Ingu-344 imizi ehlomule ngompompi abafakwe emagcekeni kuward 1 no 4 khona eManguzi. Kuphinde kwandiswa umthamo wesihlanzimanzi, kwakhiwa nesigcinamanzi esimumatha umthamo oyisigidi samanzi ngosuku esiphakela idolobha IManguzi, okubalwa isibhedlela nemizi.
ISekela- Ngqongqoshe lezaManzi neNhlanzeko, uMhlonishwa David Mahlobo lihambe emazwini eNkosi uTembe, litusa iMeya ngomsebenzi oncomekayo nezisebenzi zomkhandlu elichaze umsebenzi wazo njengoseqophelweni eliphezulu.

inkosi utembe ituse imeya ngokufaka amanzi esizweni sayo 1

Emergency Numbers

Police

035 573 1088/1080 or 10111

Clinic

035 573 1082

Fire Department

035 573 1080

Ambulance

EMRS: 035 573 9200

Contact Us

Address

Harlingen No. 13433, Kingfisher Road, Mkuze, KwaZulu Natal, South Africa

Phone

(+27) 0355738600

Fax Number

+27355731094